1 Kings 6
1 Kwathi ngonyaka wama-480 emveni kokuphuma kwaba-Israyeli eGibhithe, ngonyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaSimakade.
2 Indlu, inkosi uSolomoni eyayakhela uSimakade, ubude bayo babungamakhubhithi angama-60, nobubanzi bayo bungamakhubhithi angama-20, nokuphakama kwayo kwakungamakhubhithi angama-30.
3 Umphemegumbi ngaphambili wendlu yethempeli wawungamakhubhithi angama-20 ubude bawo maqondana nobubanzi bendlu; ububanzi bawo babungamakhubhithi alishumi ngaphambi kwendlu.
4 Wenzela indlu amafasitela anamakhethini angenakususwa.
5 Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke, ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;
6 uphondo lwangaphansi lwalungamakhubhithi ayisihlanu ububanzi balo, noluphakathi lwalungamakhubhithi ayisithupha ububanzi balo, nolwesithathu lwalungamakhubhithi ayisikhombisa ububanzi balo; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.
7 Indlu, isakhiwa, yakhiwa ngamatshe alungiswa enkwalini; akuzwakalanga sando, zembe, piki, nanto yensimbi, isakhiwa.
8 Umnyango wekamelo lohlangothi olungaphakathi wawuseceleni kwesokunene sendlu; kwakukhushukwa ngezikhwelo ezimazombezombe ukuya ophondweni olungaphakathi, kuphunywe kolungaphakathi kuyiwe kolwesithathu.
9 Wayakha kanjalo-ke indlu, wayiqeda, wayifulela indlu ngemishayo nangamapulangwe emisedari.
10 Wakha izimpondo zangasendlini yonke, yilolo nalolo lwaba ngamakhubhithi ayisihlanu ukuphakama kwalo; zanamathela endlini ngemithi yemisedari.
11 Izwi likaSimakade lafika kuSolomoni, lathi:
12 “Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izehlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakufeza kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:
13 ngiyakuhlala phakathi kwabakwa-Israyeli, angiyukubashiya abantu bami, u-Israyeli.”
14 USolomoni wayakha-ke indlu, wayiqeda.
15 Wakha izindonga zendlu ngamapulangwe emisedari ngaphakathi; kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla, wemboza ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini amapulangwe emisayiphuresi.
16 Wakha futhi amakhubhithi angama-20 ngamapulangwe emisedari ngaseceleni lendlu langasemuva, kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.
17 Indlu yangaphambili yethempeli yayiyingamakhubhithi angama-40.
18 Kwakungumsedari ngaphakathi endlini, kubaziwe kwaba ngumfanekiso wezintangazane nezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
19 Walungisa igumbi eliphakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaSimakade.
20 Phambi kwegumbi kwakungamakhubhithi angama-20 ubude, namakhubhithi angama-20 ngobubanzi, namakhubhithi angama-20 ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-althare ngemisedari.
21 USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide.
22 Wanameka-ke, yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-althare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.
23 Egumbini eliphakathi wenza amakherubhi amabili ngomnqumo, yilelo nalelo lingamakhubhithi alishumi ukuphakama kwalo.
24 Elinye iphiko lekherubhi lalingamakhubhithi ayisihlanu, nelinye iphiko lekherubhi lingamakhubhithi ayisihlanu; kusukela esihlokweni selinye iphiko kuze kufike esihlokweni selinye, kwakungamakhubhithi alishumi.
25 Elinye ikherubhi lalingamakhubhithi alishumi nalo; amakherubhi omabili ayeyisilinganiso sinye nesimo sinye.
26 Ukuphakama kwelinye ikherubhi kwakungamakhubhithi alishumi, nelinye ikherubhi lalinjalo.
27 Wawabeka amakherubhi phakathi nendlu engaphakathi; amakherubhi awelula amaphiko, iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubhi lathinta odongeni olunye; amaphiko awo athintana phakathi nendlu.
28 Wawanameka ngegolide amakherubhi.
29 Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe zamakherubhi ezibaziweyo, ngamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, ngaphakathi nangaphandle.
30 Naphansi endlini wanameka ngegolide, ngaphakathi nangaphandle.
31 Wenzela umnyango wegumbi izivalo zomnqumo; ikhothamo nezinsika zomnyango kwakuyizinhlangothi eziyisihlanu.
32 Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo, wazifekethisa ngamakherubhi abaziweyo, ngamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide, wembesa amakherubhi namasundu ngegolide.
33 Wenzela futhi umnyango wethempeli izinsika zomnyango ngomnqumo, ziyizinhlangothi ezine,
34 nezicabha ezimbili zingezomsayiphuresi; izingxenye zombili zaleso naleso sicabha zazifongqeka.
35 Wazifekethisa ngamakherubhi, ngamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wanameka ngegolide kukho konke okubaziweyo.
36 Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.
37 Ngonyaka wesine isisekelo sendlu kaSimakade sase sibekiwe ngenyanga kaZivi.
38 Ngonyaka we-11, ngenyanga kaBhuli eyinyanga yesishiyagalombili, indlu yase iqediwe ukwakhiwa ngokohlelo okwakumele yakhiwe ngalo. USolomoni wayakha iminyaka eyisikhombisa.